Indawo ehlala izingane, yindawo erejistiwe yonakekelo lwezingane. Izindawo ezihlala izingane zingenza isicelo semali yosizo lwesabsidi ngenyanga evela kuhulumeni ukusiza ezindlekweni zokuqhuba umsebenzi kwindawo yezingane. Usizo lwemali yesabsidi luyehlukahluka nakhona luncike kuzindleko zokuqhuba umsebenzi endaweni, kanye nenani lezingane ezihlala lapho.
Ngobani abangenza isicelo sosizo lwemali yesabsidi?
Izindawo ezihlala izingane ezirejistiwe.
Gcwalisani ifomu ehhovisi lezenhlalakala eliseduzane nani.
Ifomu eligcwalisiwe kumele lisayinwe nguSihlalo weKomidi lezeMenejimente kanye noDayirektha weRijini weNdawo ehlala izingane eyenza isicelo.
Fakelani isicelo kanye nesitifikedi serejistreshini njenge-NPO kanye nezitatimende zebhangi kuMnyango kahulumeni.
Usizo lwemali yesabsidi lutholakala kwisikhungo kwingane nengane ehlala lapho kuleso sikhungo.
Imali yosizo lwesabsidi ikhokhelwa isikhungo hhayi enganeni.
Inqubo yesicelo izothatha isikhathi esingaphezulu kwezinyanga ezintathu.
Uma senifakele isicelo, sizohlolwa ubuqotho baso.
Uma aboMnyango beneliseka ngesicelo, nizonikezwa izimali.
Isinqumo sinobonelelwa ngokulandela ubukhona bezimali kanye nesidingo saleyo nkonzo.
Umnyango kahulumeni unikeza izimali zosizo lwesabsidi ngezinyanga ezintathu, kuye ngokubuyekeza imisebenzi yaleyo ndawo yezingane.
Le nkonzo ngeyamahhala ayikhokhelwa.
